Luka 4:16-20

Luka 4:16-20 CZB24

Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi. Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye.

Funda Luka 4

Ama vidiyo ahlobene nalokhu

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 4:16-20