Luka 4:1-32

Luka 4:1-32 CZB24

UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane. Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba. USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa. UJesu wamphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu. USathane wayesemthatha wamyisa entabeni ende, wambonisa imibuso yonke yezwe ngokuphazima kweso. USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona. Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho. UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa. Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha; Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, ukuba zikugcine; Ezandleni zabo bayakukuthwala, funa noma nini uqhuzuke ngonyawo lwakho etsheni. UJesu waphendula wathi kuye: “Kuthiwa: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho. USathane eseqedile ukulinga konke, wamuka kuye isikhathi. UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kuso sonke leso sikhathi. Wafundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi. Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye. Waseqala ukuthi kubo: Lamuhla lumbhalo ugcwalisekile ezindlebeni zenu. Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini? Wathi kubo: “Niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena;’ Wasesithi: Ngiqinisile ngithi kini: Kakho umprofethi owamukelwa elizweni lakibo. Kepha ngiqinisile ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivaliwe iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke; Kepha u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa kubo, kuphela eSarepta yaseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. Kwakukhona abanochoko abaningi kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNahamani umAramu. Bonke ababesesinagogeni bekuzwa lokho bagcwala ulaka. Base besukuma, bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamqhubela phezu kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamjikijele phansi. Kodwa yena edabula phakathi kwabo wahamba. Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile, wabafundisa ngesabatha. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.

Funda Luka 4

Ividiyo ye- Luka 4:1-32