Luka 4:1-13

Luka 4:1-13 CZB24

UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane. Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba. USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa. UJesu wamphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu. USathane wayesemthatha wamyisa entabeni ende, wambonisa imibuso yonke yezwe ngokuphazima kweso. USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona. Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho. UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa. Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha; Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, ukuba zikugcine; Ezandleni zabo bayakukuthwala, funa noma nini uqhuzuke ngonyawo lwakho etsheni. UJesu waphendula wathi kuye: “Kuthiwa: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho. USathane eseqedile ukulinga konke, wamuka kuye isikhathi.

Funda Luka 4