Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA. Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi. Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na? Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi. Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho. UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.
Funda Luka 23
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 23:38-43
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo