Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bambethela isiphambano, ukuba asithwale emva kukaJesu.
Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, nabesifazane ababemkhalela, bemlilela.
Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu.
Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga.
Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele.
Ngokuba uma benza lokho esihlahleni esiluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na?
Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe.
Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo.
UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa.
Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.
Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga.
Besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise.
Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA.
Nesinye sezelelesi ezaziphanyekiwe samthuka, sithi: “Uma wena unguKristu, zisindise wena nathi.
Kepha omunye wamkhuza, wathi: “Awumesabi uNkulunkulu, njengokuba ukulokhu kulahlwa na?
Kepha thina ngokweqiniso; ngoba thina samukela umvuzo wezenzo zethu; kodwa yena lo akenzanga lutho olubi.
Yathi kuJesu: “Nkosi, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.
UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.
Kwathi kungaba yihora lesithupha, kwaba khona ubumnyama phezu komhlaba wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
Ilanga laba mnyama, iveli lethempeli ladabuka phakathi.
UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
Induna yekhulu isibonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, ithi: “Nempela lo ubengumuntu olungileyo.
Isixuku sonke esasibuthene kulowo mbono, sibona okwenzekileyo, sabuyela emuva, sishaya izifuba.
Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezo zinto.