Luka 22:40-53

Luka 22:40-53 CZB24

Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni. Yena wahlehla kubo okungaba yibanga lokuphonswa kwetshe, waguqa ngamadolo, wakhuleka. Ethi: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini imqinisa. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini. Wasukuma ekukhulekeni, weza kubafundi bakhe, wabafica belele ngosizi. Wathi kubo: “Nilaleleni na? sukumani nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni. Esakhuluma, bheka, isixuku, naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. Kodwa uJesu wathi kuye: Judasi, uthengisa iNdodana yomuntu ngokuyanga? Labo ababemphahlile bebona okuzakwenzeka, bathi kuye: Nkosi, sigadle ngenkemba yini? Omunye wabo wayigawula inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. UJesu waphendula wathi: “Musani; Wathinta indlebe yakhe, wamphulukisa. UJesu wayesethi kubapristi abakhulu nezinduna zethempeli namalunga ababeze kuye: “Niphume niphethe izinkemba nezinduku kungathi nize kumphangi na? Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga izandla kimi, kepha lesi kuyisikhathi senu, namandla obumnyama.

Funda Luka 22