Selifikile ihora, wahlala phansi, nabaphostoli abayishumi nambili kanye naye. Wathi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphinda ngiyidle, ize igcwaliseke embusweni kaNkulunkulu. Waseyithatha inkezo, wabonga, wathi: Thathani le, lihlukaniselane; Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu. Wasethatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, esithi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa lina; lokhu kwenzeni ukungikhumbula.
Funda Luka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 22:14-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo