Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi esidlweni, nabaphostoli benaye. Wayesethi kubo: “Bengilangazelela nokulangazelela okukhulu ukuba ngidle leli Phasika nani ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: angisayukulidla futhi, kuze kufezeke inhloso yalo embusweni kaNkulunkulu.” Wathabatha indebe, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; ngokuba ngithi kini, kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike umbuso.” Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:14-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo