Luka 22:13-28

Luka 22:13-28 CZB24

Bahamba-ke bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; balilungisa iphasika. Selifikile ihora, wahlala phansi, nabaphostoli abayishumi nambili kanye naye. Wathi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphinda ngiyidle, ize igcwaliseke embusweni kaNkulunkulu. Waseyithatha inkezo, wabonga, wathi: Thathani le, lihlukaniselane; Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu. Wasethatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, esithi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa lina; lokhu kwenzeni ukungikhumbula. Kanjalo nenkezo emva kokudla kwakusihlwa, ethi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululwa ngenxa yenu. Kodwa bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. Nempela iNdodana yomuntu iyahamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye! Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungaba ngubani kubo ozakukwenza lokho. Kwase kuba khona nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngubani kubo ongathiwa mkhulu. Wathi kubo: “Amakhosi abezizwe azenza amakhosi phezu kwazo; lalabo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi ngabasizi. Kepha aninjalo; kodwa omkhulu phakathi kwenu makabe njengomncinyane; futhi oyinhloko makabe njengokhonzayo. Ngokuba yimuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo? Akusiye ohlezi ekudleni na? kodwa mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. Nina ningabo abaye bahlala nami ekulingweni kwami.

Funda Luka 22