Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini; Niyakufumana umntwana esongwe ezindwangu, elele emkhombeni. Njalo kwahle kwaba khona kanye lengilosi ixuku lebutho lasezulwini, lidumisa uNkulunkulu, lisithi: Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo. Kwathi izingelosi sezimuka kubo zisiya ezulwini, abelusi bakhuluma omunye komunye, bathi: “Masiye eBetlehema, sibone lokhu okwenzekileyo, uJehova esisazise khona. Basebesiza ngokuphangisa, bafica uMariya, loJosefa, losane lulele emkhombeni. Sebekubonile balandisa izwi ababelitshelwe ngalo ngomntwana. Bonke abezwayo bamangala ngalokho ababekukhulunywe ngabelusi kubo. Kodwa uMariya wagcina zonke lezizinto, ezindla ngakho enhliziyweni yakhe. Babuya abelusi, bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nabakubonile, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
Funda Luka 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 2:8-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo