Luka 2:22-35

Luka 2:22-35 CZB24

Kwathi seziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe ngokomthetho kaMose, bamyisa eJerusalema ukuba bamethule phambi kweNkosi; (njengokulotshiweyo emthethweni weNkosi ukuthi: Wonke owesilisa ovula isizalo uyakuthiwa ungcwele eNkosini;) nokunikela ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi ukuthi: Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba. Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe. Kwambulelwa kuye ngoMoya oNgcwele, ukuthi akayikubona ukufa, engakamboni uKristu weNkosi. Wasengena ethempelini ngoMoya; Wasembamba wamgona, wabonga uNkulunkulu, wathi: Manje, Nkosi, uyayiyeka inceku yakho ihambe ngokuthula njengezwi lakho. Ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho, Owulungisileyo phambi kobuso babantu bonke; ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli. UJosefa nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye. USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa; (Yebo, nowakho inkemba iyakudabula umphefumulo wakho), ukuze kwambulwe imicabango yezinhliziyo eziningi.

Funda Luka 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 2:22-35