Luka 2:1-12

Luka 2:1-12 CZB24

Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. (Lokhu kubalwa okokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.) Basebehamba bonke ukuyabhaliswa, ngulowo lalowo emzini wakubo. Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;) eyakubhaliswa kanye noMariya owayemthembise umshado, esekhulelwe. Kwathi beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazala izibulo lakhe, wayisonga ngezindwangu, walilalisa emkhombeni; ngoba kwakungelandawo yabo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini; Niyakufumana umntwana esongwe ezindwangu, elele emkhombeni.

Funda Luka 2

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo