Luka 18:18-27

Luka 18:18-27 CZB24

Umbusi othile wambuza, wathi: “Mfundisi omuhle, ngenzeni ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? kakho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo lonyoko. Wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into eyodwa; thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. Ekuzwa lokho wadabuka kakhulu, ngokuba wayecebile kakhulu. UJesu ebona ukuthi wayelusizi kakhulu wathi: “Kuyakuba lukhuni kangakanani kwabanengcebo ukungena embusweni kaNkulunkulu! Ngokuba kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yenaliti, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Abezwayo bathi: Pho kungasindiswa bani? Wathi: Izinto ezingenzekiyo kubantu ziyenzeka kuNkulunkulu.

Funda Luka 18