Luka 18:18-23

Luka 18:18-23 CZB24

Umbusi othile wambuza, wathi: “Mfundisi omuhle, ngenzeni ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? kakho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo lonyoko. Wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into eyodwa; thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. Ekuzwa lokho wadabuka kakhulu, ngokuba wayecebile kakhulu.

Funda Luka 18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo