Luka 16:1-13

Luka 16:1-13 CZB24

Wayesethi nakubafundi bakhe: “Kwakukhona umuntu othile onothileyo owayenomphathi; yona yabekwa icala lokuthi ichithe impahla yayo. Wambiza wathi kuye: “Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? landisa ngobuphathi bakho; ngoba ungabe usaba ngumphathi. Wasesithi umphathi phakathi kwakhe: Ngizakwenzani? ngokuba inkosi yami ingaphuca ubuphathi; ukuncenga nginamahloni. Sengikwazi engizakwenza, ukuze, nxa ngikhutshwa ebuphathini, bangamukele ezindlini zabo. Wababizela kuye bonke abanamacala enkosini yakhe, wathi kowokuqala: ‘Unecala elingakanani enkosini yami na? Wasesithi: Izilinganiso eziyikhulu zamafutha. Wathi kuye: Thatha incwadi yakho, uhlale phansi masinyane, ulobe amashumi ayisihlanu. Wasesithi komunye: Wena-ke unecala elingakanani? Wathi: Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni. Wathi kuye: Thatha incwadi yakho, ulobe amashumi ayisishiyagalombili. Inkosi yamtusa umphathi ongalungile, ngokuba wenze ngokuhlakanipha; ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya. Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abangane ngoMamona ongalungile; ukuze kuthi, nxa niphela, banamukele ezindlini eziphakade. Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu, nongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu. Ngakho-ke uma ningathembekanga kokukaMamona ongalungile, ngubani oyakuniphathisa okuqinisileyo na? Njalo uba lingathembekanga kokukomunye, ngubani ozalinika okungokwakho? Ayikho inceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.

Funda Luka 16