Luka 14:15-23

Luka 14:15-23 CZB24

Kwathi omunye wababehlezi naye ekudleni esizwa lezizinto, wathi kuye: Ubusisiwe odla isinkwa embusweni kaNkulunkulu. Wasesithi kuye: Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abanengi; Wathuma inceku yakhe ngesikhathi sokudla ukuba ithi kwabamenyiweyo: Wozani; ngoba konke sekulungile. Basebeqala ukuzilandulela bonke nganhliziyonye. Owokuqala wathi kuye: Ngithenge isiqephu sensimu, ngimelwe ukuyosibona; “Omunye wathi: ‘Ngithenge izinkabi ezingaba yisihlanu, ngisaya ukuzivivinya; ngicela ungixolele. Lomunye wathi: Ngithethe umfazi, ngakho ngingeze. Yafika leyo nceku, yabikela inkosi yayo lokho. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: Phuma masinyane, uye emigwaqweni nasemigwaqweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezinyonga, nezimpumputhe. Inceku yasisithi: Nkosi, sekwenziwe njengokulaya kwakho, kodwa indawo isekhona. Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele ukuba bangene, ukuze igcwale indlu yami.

Funda Luka 14

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 14:15-23

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo