Luka 12:42-48

Luka 12:42-48 CZB24

INkosi yasisithi: Pho, ngubani umphathi othembekileyo lohlakaniphileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu yayo, ukuze abaphe isabelo sabo sokudla ngesikhathi esifaneleyo? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Izayibeka phezu kwakho konke elakho. Kodwa uba leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukuza; aqale ukushaya izinceku nezincekukazi, nokudla, nokuphuza, nokudakwa; Inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngayo nangehora engalazi, iyinqume phakathi, iyimisele isabelo sayo nabangakholwayo. Leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungisi, ingenzanga njengentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi; Kepha obengazi, wenza okufanele imivimbo, uyakushaywa imivimbo eyingcosana. Ngokuba yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye

Funda Luka 12