Luka 11:33-36

Luka 11:33-36 CZB24

Akakho othi esokhela isibani, asibeke endaweni ekusithekileyo, noma ngaphansi kwesitsha, kodwa usibeka othini lwesibani, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ukukhanya komzimba yisehlo; ngakho-ke nxa iso lakho lilihle, nomzimba wakho wonke uyakukhanya; kepha nxa iso lakho lilibi, nomzimba wakho ubumnyama. Ngakho qaphela ukuba ukukhanya okukuwe kungabi ngubumnyama. Ngakho uma umzimba wakho wonke ugcwele ukukhanya, ungenandawo emnyama, uyakuba nokukhanya wonke, njengalapho ukukhanya kwesibani sikukhanyisela.

Funda Luka 11

Ividiyo ye- Luka 11:33-36

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 11:33-36