Luka 1:68-79

Luka 1:68-79 CZB24

Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe; Usivusele uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yakhe; Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo. Ukuze sisindiswe ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo; Ukwenzela obaba umusa nokukhumbula isivumelwano sakhe esingcwele; Isifungo asenza kubaba u-Abhrahama. Ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi; ngobungcwele nokulunga phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwethu. Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo; ukuze anike abantu bakhe ulwazi lwensindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo, Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu. Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.

Funda Luka 1