Luka 1:1-13

Luka 1:1-13 CZB24

Njengoba abanengi sebebambele isandla ukuhlela isimemezelo sezinto ezikholwayo phakathi kwethu, njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi; Kwabonakala kukuhle kimi nami, sengikwazi kahle zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukukubhalela ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi iqiniso lezinto ozifundisiweyo. Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe linguZakariya, owesigaba sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe kungu-Elisabethe. Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki. Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili. Kwasekusithi esenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu ngehlelo lesigaba sakhe. Njengomkhuba wobupristi, kwaba yinkatho yakhe ukushisa impepho, lapho engena ethempelini leNkosi. Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho. Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho. UZakariya eyibona wethuka, novalo lwamehlela. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

Funda Luka 1

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 1:1-13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo