NgokukaLuka 1:1-13

NgokukaLuka 1:1-13 ZUL20

Njengokuba abaningi bezamile ukulanda ngokuhlelekileyo ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi, nami ngizwa kufanale, njengalokhu ngizihlolisisile ngokucophelela zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele ngokuhlelekile, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo. Kwakukhona emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya, umphristi othile, ogama lakhe nguZakhariya, esigabeni sika-Abhiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elizabethe. Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki. Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile. Kwathi-ke uZakhariya enza umsebenzi wakhe wobuphristi phambi kukaNkulunkulu, njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba ayekuso, ngokomthetho wobuphristi, kwaba nguye owadliwa wunkatho ukuba angene ethempelini leNkosi, azoshisa impepho. Isixuku sonke sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sokunikelwa kwempepho. Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-althare lempepho. Kuthe uZakhariya eyibona wethuka, wehlelwa luvalo. Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 1:1-13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo