Kumelwe athathe enhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli izinqama ezimbili njengomnikelo wesono nenqama eyodwa njengomnikelo wokushiswa. U-Aroni kumelwe alungise inkunzi yakhe yomnikelo wesono azenzele yena nendlu yakhe isihlawulelo. Kumelwe athathe izimbuzi ezimbili azibeke phambi kukaJehova emnyango wetende lokuhlangana. U-Aroni kumelwe enze inkatho ngalezi zimbuzi ezimbili; enye inkatho ngekaJehova, enye ngeka-Azazeli. U-Aroni kumelwe alethe impongo inkatho kaJehova ewele phezu kwayo, ayenze ibe ngumnikelo wesono. Kodwa impongo ewele phezu kwayo inkatho ka-Azazeli kufanele ilethwe iphila phambi kukaJehova ukuze enze ukubuyisana nayo, ayikhulule njengempongo ehlane.
Funda ULevitikusi 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: ULevitikusi 16:5-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo