EkaJuda 1:10-13

EkaJuda 1:10-13 CZB24

Kepha laba bahlambalaza abangazaziyo, kepha abakwaziyo ngokwemvelo njengezilwane ezingenangqondo bazonakalisa ngakho. Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora. Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe; amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.

Funda EkaJuda 1