UJoshuwa 1:5-9

UJoshuwa 1:5-9 CZB24

Akuyikuma muntu phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukushiya, angiyikukushiya. Qina, ume isibindi, ngokuba laba bantu uyakubanika izwe engalifungela oyise ukubanika lona libe yifa labo. Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo; Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJoshuwa 1:5-9