UJona 4:5-8

UJona 4:5-8 CZB24

UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo, wahlala emthunzini phansi kwalo, waze wabona ukuthi kuzokwenzekani ngomuzi. UJehova uNkulunkulu walungisa umhlakuva, wawumisa phezu kukaJona, ukuze ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumkhulula osizini lwakhe. UJona wajabula kakhulu ngomhlakuva. Kodwa ngakusasa uNkulunkulu walungiselela isibungu, sawushaya umhlakuva waze wabuna. Kwathi ekuphumeni kwelanga, uNkulunkulu walungisa umoya wasempumalanga onamandla; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waquleka, wafuna ukufa phakathi kwakhe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

Funda UJona 4