Kodwa lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela kakhulu. Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini. Ngalokho, Jehova, susa ukuphila kwami kimi; ngoba kungcono kimi ukufa kulokuphila. Wayesethi uJehova: “Kuhle ukuthukuthela na? UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo, wahlala emthunzini phansi kwalo, waze wabona ukuthi kuzokwenzekani ngomuzi.
Funda UJona 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJona 4:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo