UJona 4:1-4

UJona 4:1-4 CZB24

Kodwa lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela kakhulu. Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini. Ngalokho, Jehova, susa ukuphila kwami kimi; ngoba kungcono kimi ukufa kulokuphila. Wayesethi uJehova: “Kuhle ukuthukuthela na?

Funda UJona 4