UJobe 27

27
UJobe 27
UJobe uzibona engenacala phambi kukaNkulunkulu
1UJobe waqhubeka nomfanekiso wakhe wathi:
2Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulela kwami; noSomandla owakhathaza umphefumulo wami;
3Njalo umoya wami ukumi, lomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami;
4Izindebe zami aziyikukhuluma okubi, nolimi lwami aluyikukhuluma inkohliso.
5Makube kude nami ukuba nginenze abalungileyo; ngize ngife, angiyikuthatha ukonakala kwami kimi.
6Ngiyakubamba ukulunga kwami, angikuyeke; inhliziyo yami ayiyikungithuka zonke izinsuku zami.
7Isitha sami masibe njengomubi, nongivukelayo abe njengomuntu ongenabulungisa.
8Ngoba liyini ithemba lomzenzisi, lanxa ezuza, uba uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe?
9UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe lapho usizi luphezu kwakhe?
10Ingabe uyojabula ngoSomandla? uyokhuleka njalo kuNkulunkulu na?
11Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; angiyikufihla okukuSomandla.
12Bhekani, nina nonke nizibonele; pho kungani nina nonke niyize?
13Lesi yisabelo sababi kuNkulunkulu nefa labacindezeli abayolithola kuSomandla.
14Uma abantwana bakhe banda, kungenxa yenkemba, nenzalo yakhe ayiyikusutha isinkwa.
15Abaseleyo kuye bayakungcwatshwa ekufeni, nabafelokazi bakhe abayikukhala.
16Nakuba ebutha isiliva njengothuli, alungise izingubo njengobumba;
17Angakulungisa, kepha olungileyo uyakugqoka, nongenacala abelane ngesiliva.
18Uyakha indlu yakhe njengenundu nanjengedokodo elenziwa umlindi.
19Isicebi sizalala phansi, kodwa kasiqoqwa; uvula amehlo akhe, abe engekho.
20Ingebhe iyambamba njengamanzi, isiphepho siyamumuka ebusuku.
21Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke, njengesivunguvungu simdudula endaweni yakhe.
22Ngokuba uNkulunkulu uyakuphonsa phezu kwakhe, angamyeki; angathanda ukuphunyuka esandleni sakhe.
23Amadoda ayomshayelela izandla amshaye ikhwelo asuke endaweni yakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 27: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume