Johane 9:13-41

Johane 9:13-41 CZB24

Bamletha kubaFarisi lowo owayeyimpumputhe ngaphambili. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. Khona futhi nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda udaka emehlweni ami, ngageza, sengiyabona. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo. Baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho na? Wathi: Ungumprofethi. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye, ukuthi ubeyimpumputhe, usebuye wabona, aze abiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? pho, isibona kanjani manje na? Abazali bakhe babaphendula bathi: Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu, nokuthi wazalwa eyimpumputhe; Kodwa ukuthi usebona njani khathesi asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; mbuze: uzakuzikhulumela yena. Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni. Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye. Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu; Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona. Base bephinda bathi kuye: “Wenzeni kuwe na? uwavule kanjani amehlo akho na? Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na? Base bemthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe; kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose; Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni; Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho. Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle. UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu? Yena waphendula wathi: Ungubani, Nkosi, ukuze ngikholwe kuye? UJesu wathi kuye: “Usuyibonile, nguye okhuluma nawe. Wathi: Ngiyakholwa, Nkosi. Wakhuleka kuye. UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe. Abanye kubaFarisi ababe naye bezwa lokho, bathi kuye: “Kanti nathi siyizimpumputhe na? UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono; ngakho isono senu sihlezi.

Funda Johane 9

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 9:13-41

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo