Johane 9:1-38

Johane 9:1-38 CZB24

Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na? UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo kusesemini; Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona. Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na? Abanye bathi: Lo nguye; abanye bathi: Unjengaye; kodwa yena wathi: Nginguye. Bathi kuye: “Avulwe kanjani amehlo akho na? Waphendula wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenze udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Hamba echibini laseSilowama, ugeze;’ ngahamba ngageza, ngabona. Base bethi kuye: “Uphi yena na? Wathi: Angazi. Bamletha kubaFarisi lowo owayeyimpumputhe ngaphambili. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. Khona futhi nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda udaka emehlweni ami, ngageza, sengiyabona. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo. Baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho na? Wathi: Ungumprofethi. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye, ukuthi ubeyimpumputhe, usebuye wabona, aze abiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? pho, isibona kanjani manje na? Abazali bakhe babaphendula bathi: Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu, nokuthi wazalwa eyimpumputhe; Kodwa ukuthi usebona njani khathesi asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; mbuze: uzakuzikhulumela yena. Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni. Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye. Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu; Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona. Base bephinda bathi kuye: “Wenzeni kuwe na? uwavule kanjani amehlo akho na? Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na? Base bemthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe; kepha thina singabafundi bakaMose. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose; Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni; Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho. Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle. UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu? Yena waphendula wathi: Ungubani, Nkosi, ukuze ngikholwe kuye? UJesu wathi kuye: “Usuyibonile, nguye okhuluma nawe. Wathi: Ngiyakholwa, Nkosi. Wakhuleka kuye.

Funda Johane 9

Ividiyo ye- Johane 9:1-38