Johane 9:1-12

Johane 9:1-12 CZB24

Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na? UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo kusesemini; Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka. Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona. Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na? Abanye bathi: Lo nguye; abanye bathi: Unjengaye; kodwa yena wathi: Nginguye. Bathi kuye: “Avulwe kanjani amehlo akho na? Waphendula wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenze udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Hamba echibini laseSilowama, ugeze;’ ngahamba ngageza, ngabona. Base bethi kuye: “Uphi yena na? Wathi: Angazi.

Funda Johane 9

Video for Johane 9:1-12

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 9:1-12