Johane 8:31-47

Johane 8:31-47 CZB24

Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Inceku ayihlali phakade endlini, kepha indodana ihlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini. Mina ngikhuluma lokho engikubonile kuBaba; nina nenza lokho enikubonile kuyihlo. Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama. Kepha manje nifuna ukungibulala mina, mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama akakwenzanga lokho. Nina nenza imisebenzi kayihlo. Basebesithi kuye: Thina kasizalwanga ngokuphinga; sinoBaba oyedwa, uNkulunkulu. UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile. Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami. Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo. Ngokuba nginitshela iqiniso, anikholwa yimi. Ngubani kini ongangisola ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, aningikholwa ngani na? OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.

Funda Johane 8

Verse Images for Johane 8:31-47

Johane 8:31-47 - Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.
Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na?
UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.
Inceku ayihlali phakade endlini, kepha indodana ihlala phakade.
Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.
Mina ngikhuluma lokho engikubonile kuBaba; nina nenza lokho enikubonile kuyihlo.
Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama.
Kepha manje nifuna ukungibulala mina, mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama akakwenzanga lokho.
Nina nenza imisebenzi kayihlo. Basebesithi kuye: Thina kasizalwanga ngokuphinga; sinoBaba oyedwa, uNkulunkulu.
UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile.
Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami.
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
Ngokuba nginitshela iqiniso, anikholwa yimi.
Ngubani kini ongangisola ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, aningikholwa ngani na?
OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.Johane 8:31-47 - Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;

OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.