Johane 8:30-36

Johane 8:30-36 CZB24

Esakhuluma lawo mazwi, abaningi bakholwa nguye. Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Inceku ayihlali phakade endlini, kepha indodana ihlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.

Funda Johane 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo