Johane 8:2-11

Johane 8:2-11 CZB24

Kwathi kusesekuseni wabuye weza ethempelini, abantu bonke beza kuye; wahlala phansi wabafundisa. Ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane obanjwe ephinga; sebemmise phakathi. Bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga. Emthethweni uMose wasiyala ukuba abanjalo bakhandwe ngamatshe; wena-ke uthini na? Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga. Kwathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: Ongenasono phakathi kwenu kaqale amjikijele ngetshe. Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini. Labo abakuzwayo belahlwa ngunembeza wabo, baphuma ngamunye ngamunye, beqalela kwabadala kwaze kwaba kwabokugcina; uJesu wasala yedwa, nowesifazane emi phakathi. UJesu wayeseselulama, engaboni muntu ngaphandle kowesifazane, wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? akakho okulahlileyo na? Wathi: Kakho, Nkosi. UJesu wathi kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”

Funda Johane 8