Johane 4:1-26

Johane 4:1-26 CZB24

Ngakho iNkosi isibonile ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uJesu wenza ebhabhathize abafundi abanengi kuloJohane, (Lanxa uJesu ngokwakhe engabhabhathizanga, kodwa abafundi bakhe,) Wasuka eJudiya, wabuye wamuka, waya eGalile. Kwakumele adabule eSamariya. Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Kwafika owesifazane waseSamariya ukuzokukha amanzi; uJesu wathi kuye: “Ngiphuzise. (Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.) Owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Kungani wena ungumJuda ucela ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na? ngoba amaJuda kawadlelani lamaSamariya. UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na? Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na? UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade. Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha. UJesu wathi kuye: “Hamba, ubize indoda yakho, uze lapha. Owesifazana waphendula wathi: Kangilandoda. UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: Anginandoda; Ngokuba ubunamadoda amahlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho; Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena. Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona. UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema. Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda. Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bamelwe ukukhuleka ngomoya nangeqiniso. Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; UJesu wathi kuye: Mina engikhuluma lawe nginguye.

Funda Johane 4

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo