Johane 21:1-25

Johane 21:1-25 CZB24

Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanjalo. Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba. Basebesithi kuye: Lathi sihamba lawe. Base bephuma, bangena emkhunjini masinyane; futhi ngalobo busuku ababambanga lutho. Kepha sekusile, uJesu wema ogwini, kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu. Khona uJesu wathi kubo: Bantwana, aninakho ukudla na? Bamphendula bathi: Hatshi. Wasesithi kubo: Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, lizathola. Base bephonsa, kepha babe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle. Abanye abafundi beza ngomkhumbi; (ngokuba babengekude nenhlabathi, kungathi izingalo ezingamakhulu amabili), bedonsa inetha elinezinhlanzi. Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: Lethani izinhlanzi enizibambe manje. USimoni Petru wakhuphuka, walihudulela emhlabathini inetha ligcwele izinhlanzi ezinkulu, eziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; UJesu wathi kubo: Wozani lidle. Kodwa kakho kubafundi owaba lesibindi sokumbuza ukuthi: Wena ungubani? besazi ukuthi yiNkosi. UJesu wayesesiza, wathatha isinkwa, wabanika, nezinhlanzi ngokunjalo. Lokhu sekungokwesithathu uJesu ezibonakalisa kubafundi bakhe, esevukile kwabafileyo. Sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa amawundlu ami. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe: Usemusha, wawuzibhinca, uhambe lapho owawuthanda khona; hhayi. Wakukhuluma lokho ekhomba ukufa okungako ayeyakukhazimulisa ngakho uNkulunkulu. Eseshilo lokho wathi kuye: “Ngilandele.” UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela; laye eyame esifubeni sakhe esidlweni, wathi: Nkosi, ngubani okukhaphelayo? UPetro embona wathi kuJesu: Nkosi, lo uzakwenzani? UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele. Khona leli zwi laphumela kubazalwane ukuthi lowo mfundi akayikufa; kodwa ukuthi: Uba ngithanda ukuthi ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe? Nguye lo umfundi ofakaza ngalezi zinto, nezilobile lezizinto; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile. Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenzayo, okuthi, uma bezilotshwa zonke ngazinye, ngithi nomhlaba ngokwawo ubungekwazi ukuthwala izincwadi ebezingalotshwa. Amen.

Funda Johane 21

Ama vidiyo ahlobene nalokhu

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 21:1-25