Johane 21:1-19

Johane 21:1-19 CZB24

Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanjalo. Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba. Basebesithi kuye: Lathi sihamba lawe. Base bephuma, bangena emkhunjini masinyane; futhi ngalobo busuku ababambanga lutho. Kepha sekusile, uJesu wema ogwini, kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu. Khona uJesu wathi kubo: Bantwana, aninakho ukudla na? Bamphendula bathi: Hatshi. Wasesithi kubo: Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, lizathola. Base bephonsa, kepha babe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle. Abanye abafundi beza ngomkhumbi; (ngokuba babengekude nenhlabathi, kungathi izingalo ezingamakhulu amabili), bedonsa inetha elinezinhlanzi. Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: Lethani izinhlanzi enizibambe manje. USimoni Petru wakhuphuka, walihudulela emhlabathini inetha ligcwele izinhlanzi ezinkulu, eziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; UJesu wathi kubo: Wozani lidle. Kodwa kakho kubafundi owaba lesibindi sokumbuza ukuthi: Wena ungubani? besazi ukuthi yiNkosi. UJesu wayesesiza, wathatha isinkwa, wabanika, nezinhlanzi ngokunjalo. Lokhu sekungokwesithathu uJesu ezibonakalisa kubafundi bakhe, esevukile kwabafileyo. Sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa amawundlu ami. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe: Usemusha, wawuzibhinca, uhambe lapho owawuthanda khona; hhayi. Wakukhuluma lokho ekhomba ukufa okungako ayeyakukhazimulisa ngakho uNkulunkulu. Eseshilo lokho wathi kuye: “Ngilandele.”

Funda Johane 21

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 21:1-19

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo