Johane 21:1-11

Johane 21:1-11 CZB24

Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanjalo. Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba. Basebesithi kuye: Lathi sihamba lawe. Base bephuma, bangena emkhunjini masinyane; futhi ngalobo busuku ababambanga lutho. Kepha sekusile, uJesu wema ogwini, kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu. Khona uJesu wathi kubo: Bantwana, aninakho ukudla na? Bamphendula bathi: Hatshi. Wasesithi kubo: Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, lizathola. Base bephonsa, kepha babe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle. Abanye abafundi beza ngomkhumbi; (ngokuba babengekude nenhlabathi, kungathi izingalo ezingamakhulu amabili), bedonsa inetha elinezinhlanzi. Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: Lethani izinhlanzi enizibambe manje. USimoni Petru wakhuphuka, walihudulela emhlabathini inetha ligcwele izinhlanzi ezinkulu, eziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu

Funda Johane 21

Ama vidiyo ahlobene nalokhu