Sekwedlule lokho, uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi bakhe ngasolwandle iThibheriya. Wazibonakalisa kanje: kwakukhona lapho uSimoni Phethro, uThomase okuthiwa nguDidimu, uNathanayeli waseKhana eGalile, amadodana kaZebedewu, nabanye abafundi bakhe ababili. USimoni Phethro wathi kubo: “Ngisayodoba.” Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Bahamba, bangena esikebheni; kodwa ngalobo busuku ababambanga lutho. Kuthe sekusa, uJesu wabonakala emi ogwini, kodwa abafundi babengazi ukuthi nguYena. UJesu wathi kubo: “Bantwana, aninakho yini ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene sesikebhe, nizakubamba.” Base beliphonsa, kodwa behluleka ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Ngakho-ke lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPhethro: “YiNkosi.” USimoni Phethro, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa olwandle. Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe bedonsa inetha elinezinhlanzi, ngokuba babengekude nogu, kungaba yibanga elingamakhubhithi angama-200. Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.” USimoni Phethro wasuka, walihudulela emhlabathini inetha. Laligcwele izinhlanzi ezinkulu eziyi-153. Nakuba izinhlanzi zaziziningi kangako, nokho inetha alidabukanga.
Funda NgokukaJohane 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 21:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo