Johane 20:11-18

Johane 20:11-18 CZB24

Kepha uMariya wema ngaphandle ethuneni ekhala; Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? ufuna bani? Yena ecabanga ukuthi ngumphathi wensimu, wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele lapho ombeke khona, mina ngiyakumsusa; UJesu wathi kuye: Mariya. Waphenduka, wathi kuye: Raboni; okungukuthi: Mfundisi. UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu. UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi uyibonile iNkosi, nokuthi ikhulume lokho kuye.

Funda Johane 20

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 20:11-18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo