Johane 18:33-38

Johane 18:33-38 CZB24

UPilatu wayesephinda engena endlini yokwahlulela, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wamphendula wathi: “Uzisho lokho wena, noma abanye bakutshele ngami na? UPilatu waphendula wathi: Mina ngingumJuda yini? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikele kimi; wenzeni na? UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami. UPilatu wathi kuye: Liyini iqiniso? Eseshilo lokho wabuye waphuma, waya kumaJuda, wathi kuwo: “Angifumani cala kuye nakanye.

Funda Johane 18