UJesu eseshilo lokho waphuma nabafundi bakhe, waya ngaphesheya komfudlana iKidroni, lapho kwakukhona insimu, angena kuyo yena nabafundi bakhe. UJudasi owamkhaphelayo naye wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayevame ukubuthana khona nabafundi bakhe. Khona uJudasi esethathe isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, wafika khona nezibani nezibani nezikhali. Ngakho uJesu ekwazi konke okuzakwehlela waphuma, wathi kubo: Lidinga bani? Bamphendula bathi: UJesu waseNazaretha. UJesu wathi kubo: Mina nginguye. NoJudasi owamkhaphelayo wayemi nabo. Khona esho kubo ukuthi: “Nginguye,” bahlehla nyovane, bawa phansi. Waphinda wababuza wathi: “Nifuna bani na? Basebesithi: UJesu waseNazaretha. UJesu waphendula wathi: Ngilitshelile ukuthi mina nginguye; ukuze ligcwaliseke ilizwi alikhulumayo elithi: Kulabo onginike bona, kangilahlekelwanga lamunye. USimoni Petru enenkemba wayihosha, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku kwakunguMalkusi. Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba yakho esikhwameni; Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha. Bamyisa ku-Anase kuqala; ngokuba wayenguyisezala kaKayafase owayengumpristi omkhulu ngalowo mnyaka. Kepha uKayafase nguye owayala abaJuda ukuthi kubalungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayesaziwa kumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu. Kodwa uPetro wema ngaphandle emnyango. Khona waphuma lowo omunye umfundi owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindi wesango, wamngenisa uPetru. Incekukazi engumlindisango yathi kuPetru: “Angithi nawe ungomunye wabafundi balumuntu na? Wathi: Kangisuye.
Funda Johane 18
Dlulisela
Umphristi omkhulu wasebuza uJesu ngabafundi bakhe langemfundiso yakhe.
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 18:1-17, 19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo