Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.
Khona abanye kubafundi bakhe bakhuluma bodwa, bathi: “Kuyini lokhu akusho kithi ukuthi: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone?
Bathi-ke: “Kuyini lokhu akushoyo ukuthi: ‘Okuyisikhashana; asazi ukuthi uthini.
UJesu wayesekwazi ukuthi babethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngokuthi ngithe: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, na?
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;
Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;
Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.
Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.
“Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso;
Ngalolosuku lizacela ebizweni lami;
Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu.
Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni;
Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso.
Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu.
UJesu wabaphendula wathi: “Niyakholwa manje na?
Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.