Johane 15:1-17

Johane 15:1-17 CZB24

Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi. Amagatsha wonke akimi angatheli isithelo uyawasusa; Nina senihlambulukile ngezwi engilikhulume kini. Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi. Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa. UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami. Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe. Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale. Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. Akakho onothando olukhulu kunalolu, lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe. Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho. Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona. Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. Nginiyala lezi zinto ukuba nithandane.

Funda Johane 15

Verse Images for Johane 15:1-17

Johane 15:1-17 - Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.
Amagatsha wonke akimi angatheli isithelo uyawasusa;
Nina senihlambulukile ngezwi engilikhulume kini.
Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi.
Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe.
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami.
Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.
Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale.
Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
Akakho onothando olukhulu kunalolu, lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe.
Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.
Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.
Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.
Nginiyala lezi zinto ukuba nithandane.Johane 15:1-17 - Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.

Nginiyala lezi zinto ukuba nithandane.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo