Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho egameni lami, ngolwenza. Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade; UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.
Funda Johane 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 14:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo