Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngiyakulwenza. “Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade; uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini.
Funda NgokukaJohane 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 14:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo