Johane 13:6-20

Johane 13:6-20 CZB24

Wayesefika kuSimoni Petru; wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na? UJesu waphendula wathi kuye: Engikwenzayo kawukwazi khathesi; kodwa uzakwazi emva kwalokhu. UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami. UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele; Ngokuba ubemazi ozakumkhaphela; ngakho wathi: Kalihlambulukile lonke. Esezigezile izinyawo zabo, wathatha izembatho zakhe, wabuye wahlala phansi, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini? Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo. Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, nginigezile izinyawo; nani nifanele ukugezana izinyawo. Ngokuba ngininike isibonelo, ukuze nenze njengalokho ngenzile kini. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo. Uma nazi lezizinto, nibusisiwe uma nizenza. Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe. Kalokhu ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo uyangamukela mina; nowamukela mina wemukela ongithumileyo.

Funda Johane 13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo