UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela. Khona abafundi babukana, bengangabazi ukuthi ukhuluma bani. Kwakukhona omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu. USimoni Petru wayesemqhweba ukuthi abuze ukuthi ukhuluma bani. Yena eqamele esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na? UJesu waphendula wathi: Nguye engizamnika ucezwana, nxa ngisicwilisile. Eselucwilisile ucezu, walunika uJuda Iskariyothe kaSimoni. Emva kocezu uSathane wangena kuye. UJesu wayesethi kuye: “Okwenzayo, kwenze masinyane. Kepha kwakungekho noyedwa owayehlezi ekudleni owayekwazi ukuthi ukusho ngani lokho kuye. Ngokuba abanye babecabanga ukuthi, ngokuba uJuda wayephethe isikhwama, uJesu wathi kuye: Thenga esikuswele emkhosini; kumbe ukuthi kabele abayanga. Eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakusebusuku.
Funda Johane 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 13:21-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo