UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.” Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani. Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu. USimoni Petru wayesemqhweba ethi: “Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?” Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?” Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe. Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.” Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye. Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile. Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku.
Funda NgokukaJohane 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 13:21-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo