Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwe isidlo sakusihlwa, uSathane esefakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele; UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu; Wasukuma ekudleni, wabeka izingubo zakhe; wathatha ithawula, wabhinca. Emva kwalokho wathela amanzi endishini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, nokuzesula ngethawula abelibhincele. Wayesefika kuSimoni Petru; wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na? UJesu waphendula wathi kuye: Engikwenzayo kawukwazi khathesi; kodwa uzakwazi emva kwalokhu. UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami. USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami. UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele
Funda Johane 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 13:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo